Ujoshuwa 21:33-45 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. Yonke imizi yamaGereshoni ngemindeni yawo yayiyimizi eyishumi nantathu namadlelo ayo.

34. Imindeni yabantwana bakwaMerari, abaseleyo kumaLevi, yabelwa esizweni sakwaZebuloni iJokineyamu namadlelo alo, neKarita namadlelo alo,

35. neDimina namadlelo alo, neNahalali namadlelo alo, imizi mine.

36. Esizweni sakwaRubeni: iBeseri namadlelo alo, neJahasi namadlelo alo,

37. neKedemoti namadlelo alo, neMefahati namadlelo alo, imizi mine.

38. Esizweni sakwaGadi: iRamoti kwaGileyadi namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neMahanayimi namadlelo alo,

39. neHeshiboni namadlelo alo, neJazeri namadlelo alo, yonke iyimizi emine.

40. Yonke imizi yabantwana bakwaMerari ngemindeni yabo, imindeni eseleyo yamaLevi, isabelo sabo sasiyimizi eyishumi nambili.

41. Yonke imizi yamaLevi phakathi kwefa labantwana bakwa-Israyeli yayiyimizi engamashumi amane nesishiyagalombili namadlelo ayo.

42. Leyo mizi yonke yayinamadlelo ayo nxazonke zayo; kwakunjalo kuyo yonke leyo mizi.

43. UJehova wamnika-ke u-Israyeli lonke izwe afunga ukubanika lona oyise, balidla, bakha kulo.

44. UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.

45. Akuphuthanga lutho kukho konke okuhle uJehova akukhuluma khona kuyo indlu ka-Israyeli; kwenziwa konke.

Ujoshuwa 21