16. ne-Ayini namadlelo alo, neJutha namadlelo alo, neBeti Shemeshi namadlelo alo, imizi eyisishiyagalolunye kulezo zizwe zombili.
17. Esizweni sakwaBenjamini: iGibeyoni namadlelo alo, neGeba namadlelo alo,
18. ne-Anathoti namadlelo alo, ne-Alimoni namadlelo alo, imizi mine.
19. Yonke imizi yabantwana bakwa-Aroni, abapristi, yayiyimizi eyishumi nantathu namadlelo ayo.
20. Imindeni yabantwana bamaKohati amaLevi, abantwana abaseleyo bamaKohati, yabelwa ngenkatho imizi yabo esizweni sakwa-Efrayimi.
21. Bayinika iShekemi namadlelo alo ezintabeni zakwa-Efrayimi, umuzi wokuphephela wombulali, neGezeri namadlelo alo,
22. neKibisayimi namadlelo alo, neBeti-Horoni namadlelo alo, imizi mine.
23. Esizweni sakwaDani: i-Elitheke namadlelo alo, neGibethoni namadlelo alo,
24. ne-Ajaloni namadlelo alo, neGati Rimoni namadlelo alo, imizi mine.
25. Kuyo inxenye yesizwe sakwaManase: iThahanaki namadlelo alo, neGati Rimoni namadlelo alo, imizi mibili.
26. Yonke imizi yemindeni yabantwana abaseleyo bamaKohati yayiyishumi namadlelo ayo.
27. Abantwana bakwaGereshoni bemindeni yamaLevi babelwa kuyo inxenye yesizwe sakwaManase iGolanu eBashani namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neBeyeshitera namadlelo alo, imizi mibili.
28. Esizweni sakwa-Isakare: iKishiyoni namadlelo alo, neDaberati namadlelo alo,
29. neJarimuthi namadlelo alo, ne-Eni Ganimi namadlelo alo, imizi mine.
30. Esizweni sakwa-Asheri: iMishali namadlelo alo, ne-Abidoni namadlelo alo,
31. neHelikati namadlelo alo, neRehobe namadlelo alo, imizi mine.
32. Esizweni sakwaNafetali: iKedeshi laseGalile namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neHamoti Dori namadlelo alo, neKaritani namadlelo alo, imizi mithathu.
33. Yonke imizi yamaGereshoni ngemindeni yawo yayiyimizi eyishumi nantathu namadlelo ayo.
34. Imindeni yabantwana bakwaMerari, abaseleyo kumaLevi, yabelwa esizweni sakwaZebuloni iJokineyamu namadlelo alo, neKarita namadlelo alo,