12. Kepha amasimu omuzi nemizana yawo bamnika khona uKalebi indodana kaJefune kube yifa lakhe.
13. Abantwana bakwa-Aroni, umpristi, babanika iHebroni kanye namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neLibina kanye namadlelo alo,
14. neJatiri namadlelo alo, ne-Eshitemowa namadlelo alo,
15. neHoloni namadlelo alo, neDebiri namadlelo alo,
16. ne-Ayini namadlelo alo, neJutha namadlelo alo, neBeti Shemeshi namadlelo alo, imizi eyisishiyagalolunye kulezo zizwe zombili.
17. Esizweni sakwaBenjamini: iGibeyoni namadlelo alo, neGeba namadlelo alo,
18. ne-Anathoti namadlelo alo, ne-Alimoni namadlelo alo, imizi mine.
19. Yonke imizi yabantwana bakwa-Aroni, abapristi, yayiyimizi eyishumi nantathu namadlelo ayo.
20. Imindeni yabantwana bamaKohati amaLevi, abantwana abaseleyo bamaKohati, yabelwa ngenkatho imizi yabo esizweni sakwa-Efrayimi.
21. Bayinika iShekemi namadlelo alo ezintabeni zakwa-Efrayimi, umuzi wokuphephela wombulali, neGezeri namadlelo alo,
22. neKibisayimi namadlelo alo, neBeti-Horoni namadlelo alo, imizi mine.
23. Esizweni sakwaDani: i-Elitheke namadlelo alo, neGibethoni namadlelo alo,
24. ne-Ajaloni namadlelo alo, neGati Rimoni namadlelo alo, imizi mine.