1. Kwasondela izinhloko zawoyise bamaLevi ku-Eleyazare umpristi, nakuJoshuwa indodana kaNuni, nakuzo izinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli,
2. bakhuluma kubo eShilo ezweni laseKhanani, bathi: “UJehova wayala ngesandla sikaMose ukuba siphiwe imizi ukuhlala kuyo kanye namadlelo ayo, abe ngawezinkomo zethu.”
3. Abantwana bakwa-Israyeli base bewanika amaLevi efeni labo njengesiyalezo sikaJehova le mizi kanye namadlelo ayo.
4. Inkatho yadla imindeni yamaKohati; abantwana bakwa-Aroni umpristi ababe ngamaLevi babelwa esizweni sakwaJuda, nasesizweni sakwaSimeyoni, nasesizweni sakwaBenjamini imizi eyishumi nantathu.
5. Abantwana abaseleyo bamaKohati babelwa emindenini yesizwe sakwa-Efrayimi, nasesizweni sakwaDani, nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase imizi eyishumi.
6. Abantwana bakwaGereshoni babelwa emindenini yesizwe sakwa-Isakare, nasesizweni sakwa-Asheri, nasesizweni sakwaNafetali, nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase eBashani imizi eyishumi nantathu.
7. Abantwana bakwaMerari ngemindeni yabo babelwa esizweni sakwaRubeni, nasesizweni sakwaGadi, nasesizweni sakwaZebuloni imizi eyishumi nambili.
8. Abantwana bakwa-Israyeli bawanika amaLevi ngenkatho leyo mizi kanye namadlelo ayo, njengalokho uJehova ebeyalile ngesandla sikaMose.
9. Abelwa esizweni sabantwana bakwaJuda nasesizweni sabantwana bakwaSimeyoni lemizi eshiwo lapha ngamagama
10. yaba ngeyabantwana bakwa-Aroni bemindeni yamaKohati ayengamaLevi; ngokuba inkatho yokuqala yaba ngeyabo.