Ujoshuwa 2:8-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Engakalali, wenyukela kuwo ophahleni;

9. wathi kumadoda: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu.

10. Ngokuba sizwile ukuthi uJehova womisa amanzi oLwandle Olubomvu phambi kwenu ekuphumeni kwenu eGibithe nokuthi wenzani kuwo amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, oSihoni no-Ogi, enawaqothulayo.

11. Sathi sikuzwa lokho, izinhliziyo zethu zaphela amandla, akwabe kusabakho sibindi kumuntu phambi kwenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi.

Ujoshuwa 2