Ujoshuwa 19:27-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. wajika ngasempumalanga, waya eBeti Dagoni, wafinyelela kwaZebuloni nasesigodini saseJifitayeli ngasenyakatho ukuya eBeti Emeki naseNeyiyeli, waphumela eKabuli ngakwesokhohlo;

28. ne-Ebironi, neRehobi, neHamoni, neKhana, neSidoni Elikhulu;

29. umkhawulo wajika waya eRama, nasemzini obiyelweyo waseTire; umkhawulo wajika waya eHosa; ukuphuma kwawo kwakuselwandle ngasezweni lase-Akizibi;

30. ne-Uma, ne-Afeki, neRehobi, imizi ingamashumi amabili nemizana yayo.

31. Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwa-Asheri ngemindeni yabo, leyo mizi kanye nemizana yayo.

Ujoshuwa 19