10. Inkatho yesithathu yadla abantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo; umkhawulo wefa labo wafika eSaridi;
11. umkhawulo wabo wenyukela ngasentshonalanga kuze kube seMarala, wafinyelela naseDabesheti, wafinyelela nasemfuleni ongasempumalanga kwaseJokineyamu,
12. wajika wasuka eSaridi ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga, kuze kube semkhawulweni waseKisiloti Thabori, waphuma waya eDaberati, wenyukela eJafiya;
13. kusukela lapho wadlula waya ngasempumalanga eGati Heferi, nase-Eti Kasini, waphuma waya eRimoni elifika naseNeya;
14. umkhawulo wawusujika ngasenyakatho kwalo, waya eHanathoni; ukuphuma kwawo kwakungasesigodini saseJifitayeli;
15. neKathati, neNahalali, neShimroni, neJidala, neBetlehema, imizi iyishumi nambili nemizana yayo.
16. Lokho kwakuyifa labantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo, leyo mizi kanye nemizana yayo.
17. Inkatho yesine yadla u-Isakare, abantwana bakwa-Isakare ngemindeni yabo.
18. Umkhawulo wabo wawuyiJizreyeli, neKesuloti, neShunemi,
19. neHafarayimi, neShiyoni, ne-Anaharati,
20. neRabiti, neKishiyoni, ne-Ebesi,
21. neRemeti, ne-Eni Ganimi, ne-EniHada, neBeti Phasesi;
22. umkhawulo wafinyelela eThabori, naseShahasuma, naseBeti Shemeshi; ukuphuma komkhawulo wabo kwakuseJordani, imizi iyishumi nesithupha nemizana yayo.
23. Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwa-Isakare ngemindeni yabo, imizi kanye nemizana yayo.
24. Inkatho yesihlanu yadla isizwe sabantwana bakwa-Asheri ngemindeni yabo.
25. Umkhawulo wabo wawuyiHelikati, neHali, neBetheni, ne-Akishafu,
26. ne-Alameleki, ne-Amadi, neMishali; wafinyelela eKarmeli ngasentshonalanga, naseShihori Libinati;
27. wajika ngasempumalanga, waya eBeti Dagoni, wafinyelela kwaZebuloni nasesigodini saseJifitayeli ngasenyakatho ukuya eBeti Emeki naseNeyiyeli, waphumela eKabuli ngakwesokhohlo;
28. ne-Ebironi, neRehobi, neHamoni, neKhana, neSidoni Elikhulu;
29. umkhawulo wajika waya eRama, nasemzini obiyelweyo waseTire; umkhawulo wajika waya eHosa; ukuphuma kwawo kwakuselwandle ngasezweni lase-Akizibi;
30. ne-Uma, ne-Afeki, neRehobi, imizi ingamashumi amabili nemizana yayo.