1. Inkatho yesibili yadla uSimeyoni, isizwe sabantwana bakwaSimeyoni ngemindeni yabo; ifa labo laliphakathi kwefa labantwana bakwaJuda.
2. Ifa labo laliyiBeri Sheba, neSheba, neMolada,
3. neHasari Shuwali, neBala, ne-Eseme,
4. ne-Elitoladi, neBethuli, neHorma,
5. neSikilagi, neBeti Marikaboti, neHasari Susa,
6. neBeti Lebawoti, neSharuheni, imizi iyishumi nantathu nemizana yayo;
7. i-Ayini, neRimoni, ne-Etere, ne-Ashani, imizi mine nemizana yayo,
8. nayo yonke imizana eyayinxazonke zaleyo mizi kuze kube seBalati Beri, iRama laseNingizimu. Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaSimeyoni ngemindeni yabo.
9. Ifa labantwana bakwaSimeyoni lavela esabelweni sabantwana bakwaJuda, ngokuba isabelo sabantwana bakwaJuda sasisikhulu kubo; ngalokho abantwana bakwaSimeyoni babenefa phakathi kwefa labo.
10. Inkatho yesithathu yadla abantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo; umkhawulo wefa labo wafika eSaridi;