17. wasuka enyakatho, waphuma e-Eni Shemeshi, waya eGeliloti elibhekene nommango wase-Adumimi, wehlela etsheni likaBohanu indodana kaRubeni;
18. wadlula waya eceleni elibhekene ne-Araba ngasenyakatho, wehlela e-Araba;
19. umkhawulo wadlula, waya eceleni kweBeti Hogila ngasenyakatho, ukuphuma komkhawulo kwakungasethekwini lasenyakatho koLwandle Lukasawoti ngasekugcineni kweJordani ngaseningizimu; lokho kwakungumkhawulo waseningizimu.
20. IJordani lalingumkhawulo walo ngasohlangothini lwasempumalanga. Lokho kwakuyifa labantwana bakwaBenjamini njengemikhawulo yabo nxazonke ngemindeni yabo.
21. Imizi yesizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo yayiyiJeriko, neBeti Hogila, ne-Emeki Kesisi,
22. neBeti Araba, neSemarayimi, neBethele,
23. ne-Avimi, nePhara, ne-Ofira,
24. neKefari Amoni, ne-Ofini, neGeba, imizi iyishumi nambili nemizana yayo;
25. iGibeyoni, neRama, neBeyeroti,
26. neMispa, neKefira, neMosa,
27. neRekemi, ne-Iripeyeli, neTarala,
28. neSela, ne-Elefi, neJebusi eliyiJerusalema, neGibeyati, neKiriyati, imizi iyishumi nane nemizana yayo. Lokho kwakuyifa labantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo.