Ujoshuwa 17:11-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Kwa-Isakare nakwa-Asheri uManase wabelwa iBeti Sheyani kanye nemizana yalo, neJibileyamu kanye nemizana yalo, nabakhileyo eDori kanye nemizana yalo, nabakhileyo e-Eni Dori kanye nemizana yalo, nabakhileyo eThahanaki kanye nemizana yalo, nabakhileyo eMegido kanye nemizana yalo eyizimpakama ezintathu.

12. Kodwa abantwana bakwaManase babengenakunqoba leyo mizi; kepha amaKhanani ayethanda ukuhlala kulelo zwe.

13. Kwathi lapho abantwana bakwa-Israyeli sebeqinile, bawasebenzisa amaKhanani, abawaxoshanga ngokupheleleyo.

14. Abantwana bakwaJosefa bakhuluma kuJoshuwa, bathi: “Unginikeleni isabelo sibe sinye nje nesinqamu sibe sinye kuphela, kube yifa lami, lokhu ngiyisizwe esikhulu, njengokuba uJehova ungibusisile kuze kube manje, na?”

15. UJoshuwa wathi kubo: “Uma uyisizwe esikhulu, khuphukela ehlathini, uzicabele khona ezweni lamaPherizi nakwelamaRefa, lokhu izintaba zakwa-Efrayimi ziminyene kuwe.”

16. Bathi abantwana bakwaJosefa: “Izintaba azisanele; onke amaKhanani ahlala ezweni lesigodi anezinqola zensimbi, wona aseBeti Sheyani kanye nemizana yalo nawo asesiGodini saseJizreyeli.”

17. UJoshuwa wayesekhuluma kuyo indlu kaJosefa, naku-Efrayimi, nakuManase, ethi: “Uyisizwe esikhulu, unamandla amakhulu; awuyikuba nasabelo esisodwa nje;

18. kepha izintaba ziyakuba ngezakho; noma ziyihlathi, woligawula; namaphethelo alo mawabe ngawakho, ngokuba uyakuwaxosha amaKhanani, nakuba enezinqola zensimbi nakuba enamandla.”

Ujoshuwa 17