1. Isabelo sabantwana bakwaJosefa sasuka eJordani ngaseJeriko emanzini aseJeriko ngasempumalanga, ihlane elenyuka eJeriko ezintabeni ukuya eBethele;
2. saphuma eBethele, saya eLuze, sadlula saya emkhawulweni wama-Araki ngase-Atharoti;
3. sehlela ngasentshonalanga emkhawulweni wamaJafeleti kuze kube semkhawulweni weBeti Horoni laseNzansi naseGezeri; ukuphuma kwaso kwakuselwandle.
4. Abantwana bakwaJosefa, oManase no-Efrayimi, base belidla ifa labo.
5. Umkhawulo wabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo wawunje: umkhawulo wefa labo ngasempumalanga wawuyi-Atharoti Adari kuze kube seBeti Horoni laseNhla;
6. umkhawulo waphuma ngasentshonalanga ngaseMikemetha ngasenyakatho; umkhawulo wawusujika ngasempumalanga, waya eTawanati Shilo, walidlula ngasempumalanga kwaseJanowa;
7. wehla eJanowa, waya e-Atharoti naseNahara, wafika eJeriko, waphumela eJordani.
8. Kusukela eTaphuwa umkhawulo waya ngasentshonalanga, wafika emfudlaneni iKhana; ukuphuma kwawo kwakuselwandle. Lelo liyifa lesizwe sabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo
9. kanye nemizi eyahlukaniselwa abantwana bakwa-Efrayimi phakathi kwefa labantwana bakwaManase, yonke imizi nemizana yayo.
10. Kodwa abawaxoshanga amaKhanani ahlala eGezeri, kepha amaKhanani ahlala phakathi kuka-Efrayimi kuze kube namuhla, aba yizinceku zokusebenza.