60. IKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi, neRaba, imizi mibili nemizana yayo.
61. Ehlane: iBeti Araba, neMidini, neSekaka,
62. neNibishani, noMuzi kaSawoti, ne-Eni Gedi, imizi iyisithupha nemizana yayo.
63. AmaJebusi ayakhe eJerusalema abantwana bakwaJuda babengenakuwaxosha, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.