6. umkhawulo wenyukela eBeti Hogila, wadlula ngasenyakatho kweBeti Araba; umkhawulo wakhuphukela etsheni likaBohanu indodana kaRubeni;
7. umkhawulo wenyukela eDebiri usuka esigodini sase-Akori ngasenyakatho, ubheka ngaseGiligali elibhekana nommango wase-Adumimi elingaseningizimu komfula; umkhawulo wawusudlula, waya emanzini asemthonjeni waseShemeshi; ukuphuma kwawo kwakungasemthonjeni waseRogeli;
8. wawusukhuphuka umkhawulo esigodini sendodana kaHinomu ngaseceleni kweJebusi ngaseningizimu, eliyiJerusalema; umkhawulo wenyukela esiqongweni sentaba engaphambi kwesigodi sikaHinomu ngasentshonalanga ngasekugcineni kwesigodi samaRefa ngasenyakatho;