Ujoshuwa 15:2-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Umkhawulo wabo waseningizimu wasuka ekupheleni koLwandle Lukasawoti, ethekwini elibheka ngaseningizimu,

3. waphuma waya ngaseningizimu kommango wase-Akarabimi, wadlula waya eSini, wakhuphuka ngaseningizimu kwaseKadeshi Barineya, wadlula ngaseHesironi, wenyukela e-Adari, wajika waya eKaraka;

4. wadlula waya e-Asimoni, waya emfuleni waseGibithe; ukuphuma komkhawulo kwakungaselwandle; lowo uyakuba ngumkhawulo wenu waseningizimu.

5. Umkhawulo wasempumalanga wawuluLwandle Lukasawoti kuze kufike ekugcineni kweJordani. Umkhawulo wasohlangothini lwasenyakatho wasuka ethekwini lolwandle ngasekugcineni kweJordani;

6. umkhawulo wenyukela eBeti Hogila, wadlula ngasenyakatho kweBeti Araba; umkhawulo wakhuphukela etsheni likaBohanu indodana kaRubeni;

7. umkhawulo wenyukela eDebiri usuka esigodini sase-Akori ngasenyakatho, ubheka ngaseGiligali elibhekana nommango wase-Adumimi elingaseningizimu komfula; umkhawulo wawusudlula, waya emanzini asemthonjeni waseShemeshi; ukuphuma kwawo kwakungasemthonjeni waseRogeli;

8. wawusukhuphuka umkhawulo esigodini sendodana kaHinomu ngaseceleni kweJebusi ngaseningizimu, eliyiJerusalema; umkhawulo wenyukela esiqongweni sentaba engaphambi kwesigodi sikaHinomu ngasentshonalanga ngasekugcineni kwesigodi samaRefa ngasenyakatho;

9. umkhawulo wawususuka esiqongweni sentaba, waya emthonjeni wamanzi aseNefitowa, waphuma waya emizini yasentabeni yase-Efroni; umkhawulo wasuka waya eBahala eliyiKiriyati Jeharimi;

Ujoshuwa 15