Ujoshuwa 15:12-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Umkhawulo wasentshonalanga wawuluLwandle Olukhulu nogu lwalo. Lokho kungumkhawulo wabantwana bakwaJuda nxazonke ngemindeni yabo.

13. Wamnika uKalebi indodana kaJefune isabelo phakathi kwabantwana bakwaJuda njengesiyalezo sikaJehova kuJoshuwa, umuzi ka-Araba uyise ka-Anaki, oyiHebroni.

14. UKalebi waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki, oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki.

15. Wasuka lapho, wenyukela kwabakhileyo eDebiri; igama leDebiri laliyiKiriyati Seferi kuqala.

16. UKalebi wathi: “Onqoba iKiriyati Seferi, alithathe, yena ngiyakumnika u-Akisa indodakazi yami abe ngumkakhe.”

Ujoshuwa 15