Ujoshuwa 15:10-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. umkhawulo wajika usuka eBahala ngasentshonalanga, waya entabeni yaseSeyiri, wadlula waya eceleni kwentaba yaseJeharimi ngasenyakatho, eliyiKesaloni, wehlela eBeti Shemeshi, wadlula ngaseThimna;

11. umkhawulo wawusuphuma, waya eceleni kwe-Ekroni ngasenyakatho; umkhawulo wasuka waya eShikeroni, wadlula waya entabeni yaseBahala, waphuma eJabineyeli; ukuphuma komkhawulo kwakuselwandle.

12. Umkhawulo wasentshonalanga wawuluLwandle Olukhulu nogu lwalo. Lokho kungumkhawulo wabantwana bakwaJuda nxazonke ngemindeni yabo.

Ujoshuwa 15