Ujoshuwa 14:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Lawa angamafa abawathathayo abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseKhanani abababela wona u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli,

2. ngenkatho yefa labo, njengalokho uJehova ebeyalile ngesandla sikaMose ngezizwe eziyisishiyagalolunye nangenxenye yesizwe.

3. Ngokuba uMose wayezinikile izizwe ezimbili nenxenye yesizwe ifa ngaphesheya kweJordani, kepha amaLevi akawanikanga ifa phakathi kwabo.

4. Ngokuba abantwana bakwaJosefa babe yizizwe ezimbili, oManase no-Efrayimi; abawanikanga amaLevi isabelo ezweni, kuphela imizi ukuhlala kuyo, namadlelo ayo ezinkomo zawo, neyemfuyo yawo.

5. Njengalokho uJehova amyala uMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli, bahlukanisa izwe.

6. AbakwaJuda basondela kuJoshuwa eGiligali; uKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, wathi kuye: “Uyalazi wena izwi uJehova alikhuluma kuMose umuntu kaNkulunkulu ngami nangawe eKadeshi Barineya.

7. Ngangineminyaka engamashumi amane lapho uMose, inceku kaJehova, wangithuma ngisuka eKadeshi Barineya ukuba ngihlole izwe, ngabuyisela izwi kuye njengokusenhliziyweni yami.

8. Kepha abafowethu abakhuphuka nami baqeda amandla enhliziyo yabantu, kodwa mina ngamlandela uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.

9. UMose wafunga ngalolo suku, wathi: ‘Impela izwe unyawo lwakho olunyathele kulo liyakuba yifa lakho nelabantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.’

Ujoshuwa 14