Ujoshuwa 13:8-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Kanye naye abakwaRubeni nabakwaGadi balamukela ifa abanika lona uMose ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokho inceku kaJehova uMose yabanika:

9. kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni, nomuzi ophakathi nesigodi, nalo lonke ithafa laseMedeba kuze kufike eDiboni,

10. nayo yonke imizi kaSihoni inkosi yama-Amori owabusa eHeshiboni, kuze kube semkhawulweni wabantwana bakwa-Amoni,

11. neGileyadi nomkhawulo wamaGeshuri nowamaMahakhathi, nayo yonke intaba yaseHermoni, nalo lonke iBashani kuze kufike eSaleka,

12. nawo wonke umbuso ka-Ogi eBashani owayebusa e-Ashitaroti nase-Edireyi, owayesele kuyo insali yamaRefa; uMose wabanqoba, wabaxosha.

13. Kepha abantwana bakwa-Israyeli abawaxoshanga amaGeshuri namaMahakhati, kodwa oGeshuri noMahakha bahlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla.

14. Isizwe sakwaLevi kuphela akasinikanga fa; iminikelo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli yomlilo iyifa lakhe njengokukhuluma kwakhe kuye.

Ujoshuwa 13