29. UMose wanika inxenye yesizwe sakwaManase: kwaba ngokwenxenye yesizwe sabantwana bakwaManase ngemindeni yabo.
30. Umkhawulo wabo wasuka eMahanayimi: lonke iBashani, wonke umbuso ka-Ogi inkosi yaseBashani, nayo yonke imizi yeJayire eseBashani, imizi engamashumi ayisithupha,
31. nenxenye yakwaGileyadi, ne-Ashitaroti, ne-Edireyi, imizi yombuso ka-Ogi eBashani; lokho kwaba ngokwabantwana bakwaMakiri indodana kaManase, inxenye yabantwana bakwaMakiri ngemindeni yabo.
32. Lawo angamafa uMose awabela emathafeni akwaMowabi phesheya kweJordani, ngaseJeriko ngasempumalanga.
33. Kepha isizwe sakwaLevi uMose akasinikanga fa; uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uyifa labo njengokukhuluma kwakhe kubo.