Ujoshuwa 13:13-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Kepha abantwana bakwa-Israyeli abawaxoshanga amaGeshuri namaMahakhati, kodwa oGeshuri noMahakha bahlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla.

14. Isizwe sakwaLevi kuphela akasinikanga fa; iminikelo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli yomlilo iyifa lakhe njengokukhuluma kwakhe kuye.

15. UMose wanika isizwe sabantwana bakwaRubeni ngemindeni yabo.

16. Umkhawulo wabo wasuka e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni, nomuzi ophakathi nesigodi, nalo lonke ithafa ngaseMedeba,

17. neHeshiboni nayo yonke imizi yalo yasethafeni, iDiboni, neBamoti Bali, neBeti Bali Mehoni,

18. neJahasi, neKedemoti, neMefahati,

19. neKiriyatayimi, neSibima, neSereti Shahari entabeni yasesigodini,

20. neBeti Peyori, nemithambeka yasePisiga, neBeti Jeshimoti,

21. nayo yonke imizi yasethafeni, nawo wonke umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori owayebusa eHeshiboni, ambulalayo uMose kanye nezikhulu zakwaMidiyani, o-Evi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, izikhulu zikaSihoni ezazakhe kulelo zwe.

22. UBileyamu indodana kaBeyori, umbhuli, naye bambulala abantwana bakwa-Israyeli ngenkemba phakathi kwabanye ababulawa yibo.

23. Umkhawulo wabantwana bakwaRubeni wawuyiJordani nogu lwalo. Lelo laliyifa labantwana bakwaRubeni ngemindeni yabo, imizi nemizana yabo.

24. UMose wanika isizwe sakwaGadi, abantwana bakwaGadi, ngemindeni yaso.

25. Umkhawulo wabo wawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nenxenye yezwe labantwana bakwa-Amoni, kuze kufike e-Aroweri elingaphambi kweRaba,

26. kusukela eHeshiboni kuze kufike eRamati Mispa naseBethonimi, kusukela eMahanayimi kuze kufike emkhawulweni weDebiri;

27. nasesigodini: iBeti Haramu, neBeti Nimra, neSukoti, neSafoni, insali yombuso kaSihoni inkosi yaseHeshiboni, iJordani nogu lwalo, kuze kufike ekupheleni kolwandle lwaseKinereti phesheya kweJordani ngasempumalanga.

Ujoshuwa 13