13. Kepha abantwana bakwa-Israyeli abawaxoshanga amaGeshuri namaMahakhati, kodwa oGeshuri noMahakha bahlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla.
14. Isizwe sakwaLevi kuphela akasinikanga fa; iminikelo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli yomlilo iyifa lakhe njengokukhuluma kwakhe kuye.
15. UMose wanika isizwe sabantwana bakwaRubeni ngemindeni yabo.
16. Umkhawulo wabo wasuka e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni, nomuzi ophakathi nesigodi, nalo lonke ithafa ngaseMedeba,
17. neHeshiboni nayo yonke imizi yalo yasethafeni, iDiboni, neBamoti Bali, neBeti Bali Mehoni,
18. neJahasi, neKedemoti, neMefahati,