12. nawo wonke umbuso ka-Ogi eBashani owayebusa e-Ashitaroti nase-Edireyi, owayesele kuyo insali yamaRefa; uMose wabanqoba, wabaxosha.
13. Kepha abantwana bakwa-Israyeli abawaxoshanga amaGeshuri namaMahakhati, kodwa oGeshuri noMahakha bahlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla.
14. Isizwe sakwaLevi kuphela akasinikanga fa; iminikelo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli yomlilo iyifa lakhe njengokukhuluma kwakhe kuye.
15. UMose wanika isizwe sabantwana bakwaRubeni ngemindeni yabo.
16. Umkhawulo wabo wasuka e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni, nomuzi ophakathi nesigodi, nalo lonke ithafa ngaseMedeba,