1. UJoshuwa wayesemdala eneminyaka eminingi; uJehova wathi kuye: “Usumdala uneminyaka eminingi, kepha kusasele izwe elikhulu kakhulu eliyakudliwa.
2. “Leli liyizwe elisasele: amazwe onke amaFilisti nawo onke amaGeshuri,
3. kusukela eSihori elingaphambi kweGibithe kuze kube semkhawulweni wase-Ekroni ngasenyakatho, elibalelwa kumaKhanani, amakhosi ayisihlanu amaFilisti: amaGaza, nama-Ashidodi, nama-Ashikeloni, namaGiti, nama-Ekroni, nama-Avi,
4. lonke izwe lamaKhanani ngaseningizimu neMehara elingelamaSidoni kuze kufike e-Afeki nasemkhawulweni wama-Amori,
5. nezwe lamaGebali nalo lonke iLebanoni ngasempumalanga, kusukela eBali Gadi ngaphansi kwentaba yaseHermoni kuze kufike ekuyeni eHamati,
6. bonke abakhileyo ezintabeni, kusukela eLebanoni kuze kube seMisirefoti Mayimi, onke amaSidoni; mina ngiyakuwaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, wena-ke ulabele abakwa-Israyeli ngenkatho, libe yifa njengokukuyala kwami.
7. Ngalokho yahlukanisa leli zwe libe yifa lezizwe eziyisishiyagalolunye nelenxenye yesizwe sakwaManase.”
8. Kanye naye abakwaRubeni nabakwaGadi balamukela ifa abanika lona uMose ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokho inceku kaJehova uMose yabanika: