1. Kwathi lapho uJabini inkosi yaseHasori ekuzwa lokho, wathumela kuJobabi inkosi yaseMadoni, nakuyo inkosi yaseShimroni, nakuyo inkosi yase-Akishafu,
2. nakuwo amakhosi angasenyakatho ezintabeni, nase-Araba ngaseningizimu kwaseKinereti, nasemathafeni, nasezintabeni zaseDori ngasentshonalanga,
3. nakuwo amaKhanani ngasempumalanga nangasentshonalanga, nakuwo ama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi ezintabeni, namaHivi ngaphansi kweHermoni ezweni laseMispa.
4. Aphuma wona nawo onke amabandla awo enawo, abantu abaningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi, namahhashi nezinqola eziningi kakhulu.
5. Onke lawo makhosi ahlangana, eza amisa ndawonye ngasemanzini aseMerome ukuba alwe no-Israyeli.
6. UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungesabi ngenxa yabo, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizakubanikela bonke bebulewe ngaphambi kuka-Israyeli; wena uyakunquma amahhashi abo imisipha, uzishise izinqola zabo ngomlilo.”
7. Wayesefika uJoshuwa nabo bonke abantu bempi benaye, babazuma ngasemanzini aseMerome, babadumela.