Ujoshuwa 11:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi lapho uJabini inkosi yaseHasori ekuzwa lokho, wathumela kuJobabi inkosi yaseMadoni, nakuyo inkosi yaseShimroni, nakuyo inkosi yase-Akishafu,

2. nakuwo amakhosi angasenyakatho ezintabeni, nase-Araba ngaseningizimu kwaseKinereti, nasemathafeni, nasezintabeni zaseDori ngasentshonalanga,

3. nakuwo amaKhanani ngasempumalanga nangasentshonalanga, nakuwo ama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi ezintabeni, namaHivi ngaphansi kweHermoni ezweni laseMispa.

4. Aphuma wona nawo onke amabandla awo enawo, abantu abaningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi, namahhashi nezinqola eziningi kakhulu.

5. Onke lawo makhosi ahlangana, eza amisa ndawonye ngasemanzini aseMerome ukuba alwe no-Israyeli.

6. UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungesabi ngenxa yabo, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizakubanikela bonke bebulewe ngaphambi kuka-Israyeli; wena uyakunquma amahhashi abo imisipha, uzishise izinqola zabo ngomlilo.”

7. Wayesefika uJoshuwa nabo bonke abantu bempi benaye, babazuma ngasemanzini aseMerome, babadumela.

8. UJehova wabanikela esandleni sakwa-Israyeli, babanqoba, babaxosha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefoti Mayimi, nasesigodini saseMispa ngasempumalanga, bababulala, abaze bamshiyela noyedwa owasalayo.

9. UJoshuwa wenza kubo njengokumyala kukaJehova: wanquma amahhashi abo imisipha, wazishisa izinqola zabo ngomlilo.

10. UJoshuwa wabuya ngaleso sikhathi, wathatha iHasori, wabulala inkosi yalo ngenkemba, ngokuba iHasori laliyinhloko yayo yonke leyo mibuso kuqala.

11. Bachitha bonke ababekulo ngosiko lwenkemba, babaqothula, akusalanga noyedwa ophefumulayo; walishisa iHasori ngomlilo.

12. Yonke imizi yalawo makhosi nawo onke amakhosi ayo uJoshuwa wakuthatha, wakuchitha ngosiko lwenkemba, wakuqothula njengokuyala kukaMose inceku kaJehova.

Ujoshuwa 11