Ujoshuwa 10:41-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

41. UJoshuwa wabachitha kusukela eKadeshi Barineya kuze kufike eGaza, nezwe lonke laseGosheni kuze kufike eGibeyoni.

42. Onke lawo makhosi nezwe lawo uJoshuwa wakuthatha ngasikhathi sinye, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli walwela u-Israyeli.

43. UJoshuwa wabuyela ekamu* laseGiligali, bonke abakwa-Israyeli benaye.

Ujoshuwa 10