34. UJoshuwa wasuka eLakishi, bonke abakwa-Israyeli benaye, waya e-Egiloni; bamisa malungana nalo, balwa nalo.
35. Balithatha ngalolo suku, balichitha ngosiko lwenkemba; nabo bonke ababekulo wabaqothula ngalolo suku njengakho konke abekwenzile kulo iLakishi.
36. UJoshuwa wakhuphuka e-Egiloni, bonke abakwa-Israyeli benaye, waya eHebroni, balwa nalo.
37. Balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba kanye nenkosi yalo, nayo yonke imizi yalo, nabo bonke ababekulo; akashiyanga noyedwa owasalayo njengakho konke abekwenzile kulo i-Egiloni, waliqothula nabo bonke abakulo.
38. UJoshuwa wabuyela nabo bonke abakwa-Israyeli eDebiri, walwa nalo;