26. Ngasemuva uJoshuwa wawagenca, wawabulala, wawaphanyeka emithini eyisihlanu, alenga emithini kwaze kwahlwa.
27. Kwathi ngesikhathi sokushona kwelanga uJoshuwa wayala, bawehlisa emithini, bawaphonsa emhumeni lapho ebecashe khona, babeka amatshe amakhulu emlonyeni womhume; akhona nanamuhla.
28. UJoshuwa wathatha iMakheda ngalolo suku, walichitha ngosiko lwenkemba kanye nenkosi yalo, wabaqothula nabo bonke abakulo, akashiyanga noyedwa owasalayo; wenza-ke kuyo inkosi yaseMakheda njengalokho ebenzile kuyo inkosi yaseJeriko.
29. UJoshuwa wasuka eMakheda nabo bonke abakwa-Israyeli benaye, waya eLibina, walwa neLibina;
30. uJehova walinikela nalo nenkosi yalo esandleni sakwa-Israyeli, walichitha ngosiko lwenkemba nabo bonke abakulo, akashiyanga noyedwa owasala phakathi kwalo; wenza-ke kuyo inkosi yalo njengalokho ebenzile kuyo inkosi yaseJeriko.
31. UJoshuwa wasuka eLibina nabo bonke abakwa-Israyeli benaye, waya eLakishi, wamisa malungana nalo, walwa nalo;
32. uJehova wanikela iLakishi esandleni sakwa-Israyeli, walithatha ngosuku lwesibili, walichitha ngosiko lwenkemba kanye nabo bonke ababekulo njengakho konke abekwenzile kulo iLibina.
33. Khona kwakhuphuka uHoramu inkosi yaseGezeri ukuba asize iLakishi; kepha uJoshuwa wambulala nabantu bakhe, akaze amshiyela noyedwa owasalayo.
34. UJoshuwa wasuka eLakishi, bonke abakwa-Israyeli benaye, waya e-Egiloni; bamisa malungana nalo, balwa nalo.
35. Balithatha ngalolo suku, balichitha ngosiko lwenkemba; nabo bonke ababekulo wabaqothula ngalolo suku njengakho konke abekwenzile kulo iLakishi.
36. UJoshuwa wakhuphuka e-Egiloni, bonke abakwa-Israyeli benaye, waya eHebroni, balwa nalo.
37. Balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba kanye nenkosi yalo, nayo yonke imizi yalo, nabo bonke ababekulo; akashiyanga noyedwa owasalayo njengakho konke abekwenzile kulo i-Egiloni, waliqothula nabo bonke abakulo.