Ujoshuwa 10:25-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. UJoshuwa wathi kuzo: “Ningesabi, ningabi naluvalo; qinani, nime isibindi, ngokuba uJehova uyakwenza kanjalo kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.”

26. Ngasemuva uJoshuwa wawagenca, wawabulala, wawaphanyeka emithini eyisihlanu, alenga emithini kwaze kwahlwa.

27. Kwathi ngesikhathi sokushona kwelanga uJoshuwa wayala, bawehlisa emithini, bawaphonsa emhumeni lapho ebecashe khona, babeka amatshe amakhulu emlonyeni womhume; akhona nanamuhla.

28. UJoshuwa wathatha iMakheda ngalolo suku, walichitha ngosiko lwenkemba kanye nenkosi yalo, wabaqothula nabo bonke abakulo, akashiyanga noyedwa owasalayo; wenza-ke kuyo inkosi yaseMakheda njengalokho ebenzile kuyo inkosi yaseJeriko.

29. UJoshuwa wasuka eMakheda nabo bonke abakwa-Israyeli benaye, waya eLibina, walwa neLibina;

30. uJehova walinikela nalo nenkosi yalo esandleni sakwa-Israyeli, walichitha ngosiko lwenkemba nabo bonke abakulo, akashiyanga noyedwa owasala phakathi kwalo; wenza-ke kuyo inkosi yalo njengalokho ebenzile kuyo inkosi yaseJeriko.

31. UJoshuwa wasuka eLibina nabo bonke abakwa-Israyeli benaye, waya eLakishi, wamisa malungana nalo, walwa nalo;

32. uJehova wanikela iLakishi esandleni sakwa-Israyeli, walithatha ngosuku lwesibili, walichitha ngosiko lwenkemba kanye nabo bonke ababekulo njengakho konke abekwenzile kulo iLibina.

33. Khona kwakhuphuka uHoramu inkosi yaseGezeri ukuba asize iLakishi; kepha uJoshuwa wambulala nabantu bakhe, akaze amshiyela noyedwa owasalayo.

Ujoshuwa 10