16. Lawo makhosi omahlanu abaleka, acasha emhumeni waseMakheda.
17. Kwabikwa kuJoshuwa ukuthi: “Lawo makhosi omahlanu afunyanisiwe ecashile emhumeni waseMakheda.”
18. UJoshuwa wathi: “Gingqelani amatshe amakhulu emlonyeni womhume, nibeke amadoda ngakuwo ukuba awalinde;
19. kepha ningemi nina; xoshani izitha zenu, nibulale ezingasemuva, ningazivumeli ukuba zingene emizini yazo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uzinikele esandleni senu.”
20. Kwathi lapho uJoshuwa nabantwana bakwa-Israyeli sebeqedile ukubaceka ngokuceka okukhulu kakhulu baze baqedwa, insali yabo nokho isingenile emizini ebiyelweyo,
21. bonke abantu babuyela ekamu* kuJoshuwa eMakheda ngokuthula, akwabakho onyakazisa ulimi lwakhe ngomuntu wabantwana bakwa-Israyeli.
22. Wayesethi uJoshuwa: “Vulani umlomo womhume, nikhiphele kimi lawo makhosi omahlanu emhumeni.”
23. Benze njalo-ke; bawakhiphela kuye lawo makhosi omahlanu emhumeni: inkosi yaseJerusalema, nenkosi yaseHebroni, nenkosi yaseJarimuthi, nenkosi yaseLakishi, nenkosi yase-Egiloni.
24. Kwathi lapho bekhiphela kuJoshuwa lawo makhosi, uJoshuwa wabiza onke amadoda akwa-Israyeli, wathi ezinduneni zamadoda empi ezazihamba naye: “Sondelani, nibeke izinyawo zenu ezintanyeni zalawa makhosi.” Zasondela-ke, zabeka izinyawo zazo ezintanyeni zawo.