Ujoshuwa 10:14-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Aluzange lube khona usuku olunjengalo ngaphambi kwalo noma ngasemva kwalo lokuba uJehova alilalele izwi lomuntu, ngokuba uJehova wamlwela u-Israyeli.

15. UJoshuwa wabuyela ekamu* laseGiligali, bonke abakwa-Israyeli benaye.

16. Lawo makhosi omahlanu abaleka, acasha emhumeni waseMakheda.

17. Kwabikwa kuJoshuwa ukuthi: “Lawo makhosi omahlanu afunyanisiwe ecashile emhumeni waseMakheda.”

18. UJoshuwa wathi: “Gingqelani amatshe amakhulu emlonyeni womhume, nibeke amadoda ngakuwo ukuba awalinde;

19. kepha ningemi nina; xoshani izitha zenu, nibulale ezingasemuva, ningazivumeli ukuba zingene emizini yazo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uzinikele esandleni senu.”

20. Kwathi lapho uJoshuwa nabantwana bakwa-Israyeli sebeqedile ukubaceka ngokuceka okukhulu kakhulu baze baqedwa, insali yabo nokho isingenile emizini ebiyelweyo,

21. bonke abantu babuyela ekamu* kuJoshuwa eMakheda ngokuthula, akwabakho onyakazisa ulimi lwakhe ngomuntu wabantwana bakwa-Israyeli.

22. Wayesethi uJoshuwa: “Vulani umlomo womhume, nikhiphele kimi lawo makhosi omahlanu emhumeni.”

23. Benze njalo-ke; bawakhiphela kuye lawo makhosi omahlanu emhumeni: inkosi yaseJerusalema, nenkosi yaseHebroni, nenkosi yaseJarimuthi, nenkosi yaseLakishi, nenkosi yase-Egiloni.

24. Kwathi lapho bekhiphela kuJoshuwa lawo makhosi, uJoshuwa wabiza onke amadoda akwa-Israyeli, wathi ezinduneni zamadoda empi ezazihamba naye: “Sondelani, nibeke izinyawo zenu ezintanyeni zalawa makhosi.” Zasondela-ke, zabeka izinyawo zazo ezintanyeni zawo.

25. UJoshuwa wathi kuzo: “Ningesabi, ningabi naluvalo; qinani, nime isibindi, ngokuba uJehova uyakwenza kanjalo kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.”

26. Ngasemuva uJoshuwa wawagenca, wawabulala, wawaphanyeka emithini eyisihlanu, alenga emithini kwaze kwahlwa.

Ujoshuwa 10