Omkenu, nabantwana benu, nezinkomo zenu bayakuhlala ezweni uMose aninika lona ngaphesheya kweJordani; kepha nina niyakuwela phambi kwabafowenu nihlomile, nonke nina maqhawe anamandla, nibasize,