1. Kwathi emva kokufa kukaMose inceku kaJehova, uJehova wakhuluma kuJoshuwa indodana kaNuni, isikhonzi sikaMose, wathi:
2. “UMose inceku yami ufile; ngalokho suka uwele leli Jordani, wena nalaba bantu bonke, niye ezweni engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli.
3. Zonke izindawo ayakunyathela kuzo amathe onyawo lwenu ngininikile zona, njengalokho ngakhuluma kuMose.
4. Kusukela ehlane nakuleli Lebanoni kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe, lonke izwe lamaHeti, nakuze kube seLwandle Olukhulu ngasentshonalanga, kuyakuba ngumkhawulo wenu.
5. Akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba nawe; angiyikukuyeka, angiyikukushiya.
6. “Qina, ume isibindi, ngokuba uyakwenza ukuba laba bantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.