Ujona 4:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kepha lokho kwaba kubi kakhulu kuJona, wathukuthela.

2. Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova; lokho kwakungesilo izwi lami ngisekhona ezweni lakithi na? Ngalokho ngakwandulela ngokubalekela eTharishishi, ngokuba ngiyazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uzisola ngokubi;

3. ngalokho, Jehova, ake ususe kimi ukuphila kwami, ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.”

4. Wayesethi uJehova: “Wenza kahle ngokuthukuthela na?”

5. UJona wayesephuma emzini, wahlala ngasempumalanga komuzi, wazenzela idokodo khona, wahlala phansi kwalo emthunzini, ukuze abone ukuthi kuyakwenziwa njani kuwo umuzi.

Ujona 4