7. “Lapho umphefumulo wami waphela amandla phakathi kwami,ngamkhumbula uJehova;umkhuleko wami wangena kuwe ethempelini lakho elingcwele.
8. “Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo.
9. Kepha mina ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa,ngigcwalise engikuthembisileyo.Ukusindiswa kukuye uJehova.”