7. “Lapho umphefumulo wami waphela amandla phakathi kwami,ngamkhumbula uJehova;umkhuleko wami wangena kuwe ethempelini lakho elingcwele.
8. “Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo.
9. Kepha mina ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa,ngigcwalise engikuthembisileyo.Ukusindiswa kukuye uJehova.”
10. UJehova wakhuluma kuyo inhlanzi, yamhlanzela uJona emhlabathini owomileyo.