Ujona 2:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJona wakhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe esezibilinini zenhlanzi,

2. wathi:“Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova,wangiphendula;ngisesiswini sendawo yabafileyo ngamemeza,wezwa izwi lami.

3. Wangiphonsa ekujuleni,enhliziyweni yolwandle,umfula wangihaqa;onke amadlambi akho namaza akho adlula phezu kwami.

4. Ngathi mina:‘Ngixoshiwe emehlweni akho;’nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele.

5. Amanzi angihaqa kwaze kwaba nasekuphileni kwami,utwa lwangikaka.Umhlanga wathandela ekhanda lami.

6. Ngehla ngasemikhawulweni yezintaba;imigoqo yomhlaba yayisemva kwami kuze kube phakade.Kepha wakhuphula ukuphila kwami egodini,Jehova Nkulunkulu wami.

7. “Lapho umphefumulo wami waphela amandla phakathi kwami,ngamkhumbula uJehova;umkhuleko wami wangena kuwe ethempelini lakho elingcwele.

8. “Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo.

Ujona 2