1. UJona wakhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe esezibilinini zenhlanzi,
2. wathi:“Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova,wangiphendula;ngisesiswini sendawo yabafileyo ngamemeza,wezwa izwi lami.
3. Wangiphonsa ekujuleni,enhliziyweni yolwandle,umfula wangihaqa;onke amadlambi akho namaza akho adlula phezu kwami.
4. Ngathi mina:‘Ngixoshiwe emehlweni akho;’nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele.
5. Amanzi angihaqa kwaze kwaba nasekuphileni kwami,utwa lwangikaka.Umhlanga wathandela ekhanda lami.