Ujobe 9:7-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. oyala ilanga lingaphumi,avalele izinkanyezi;

8. oweneka izulu yedwa,ahambe emazeni olwandle;

9. owenza iBhere,* neMpambano,nesiLimela,namaKamelo aseningizimu;*

10. owenza izinto ezinkulu ezingenakuhlolwa,yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.

11. Bheka, uyangidlula, ngingaboni;uyagudla, ngingezwa.

12. Bheka, uyabamba;ngubani ongamkhalima na?Ngubani ongasho kuye ukuthi:‘Wenzani na?’

13. “UNkulunkulu akayikubuyisa intukuthelo yakhe;phansi kwakhe bayakhothama abasizi bakaRahabi.

14. Pho, mina ngingamphendula ngithini,ngikhethe amazwi ami aqondene naye, na?

15. Noma bengilungile,bengingenakumphendula,kepha nginxuse umahluleli wami.

16. Uma bengimbizile abesengiphendula,bengingayikukholwa nokho ukuthiubekile indlebe ezwini lami.

17. Uyangilimaza ngesiphepho;uyandisa amanxeba ami ngeze.

18. Kavumi ukuba ngiphefumule,kepha uyangigcwalisa ngomunyu.

19. Uma kuyindaba yamandla,nangu onawo;uma yindaba yokwahlulela,ngubani ongimemayo na?

20. Noma ngilungile,umlomo wami uyakungilahla;noma ngingenacala,uyakuthi ngonakele.

21. Anginasici; anginakekeli umphefumulo wami;anginanzi ukuphila kwami.

22. Ukuphela kunye nje; ngalokho ngithi:‘Uyaqeda ongenasici kanye nomubi.’

23. Uma isiswebhu sibulala ngokuzumayo,uyahleka ingozi yabangenacala.

24. Umhlaba unikezwe esandleni sababi;uyasibekela ubuso babahluleli bawo;uma kungesiye, pho, ngubani na?

Ujobe 9