Ujobe 9:3-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Uma efuna ukuthetha amacala naye,angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane.

4. Ehlakaniphile enhliziyweni,eqinile emandleni,ngubani oziqinisele kuye, waphumelela,

5. yena ogudluza izintaba ngokungazeleli,ezigumbuqela ngentukuthelo yakhe;

6. ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo,kuthuthumele izinsika zawo;

7. oyala ilanga lingaphumi,avalele izinkanyezi;

8. oweneka izulu yedwa,ahambe emazeni olwandle;

9. owenza iBhere,* neMpambano,nesiLimela,namaKamelo aseningizimu;*

10. owenza izinto ezinkulu ezingenakuhlolwa,yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.

11. Bheka, uyangidlula, ngingaboni;uyagudla, ngingezwa.

12. Bheka, uyabamba;ngubani ongamkhalima na?Ngubani ongasho kuye ukuthi:‘Wenzani na?’

13. “UNkulunkulu akayikubuyisa intukuthelo yakhe;phansi kwakhe bayakhothama abasizi bakaRahabi.

14. Pho, mina ngingamphendula ngithini,ngikhethe amazwi ami aqondene naye, na?

15. Noma bengilungile,bengingenakumphendula,kepha nginxuse umahluleli wami.

Ujobe 9