3. Uma efuna ukuthetha amacala naye,angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane.
4. Ehlakaniphile enhliziyweni,eqinile emandleni,ngubani oziqinisele kuye, waphumelela,
5. yena ogudluza izintaba ngokungazeleli,ezigumbuqela ngentukuthelo yakhe;
6. ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo,kuthuthumele izinsika zawo;
7. oyala ilanga lingaphumi,avalele izinkanyezi;
8. oweneka izulu yedwa,ahambe emazeni olwandle;
9. owenza iBhere,* neMpambano,nesiLimela,namaKamelo aseningizimu;*
10. owenza izinto ezinkulu ezingenakuhlolwa,yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.
11. Bheka, uyangidlula, ngingaboni;uyagudla, ngingezwa.
12. Bheka, uyabamba;ngubani ongamkhalima na?Ngubani ongasho kuye ukuthi:‘Wenzani na?’
13. “UNkulunkulu akayikubuyisa intukuthelo yakhe;phansi kwakhe bayakhothama abasizi bakaRahabi.
14. Pho, mina ngingamphendula ngithini,ngikhethe amazwi ami aqondene naye, na?
15. Noma bengilungile,bengingenakumphendula,kepha nginxuse umahluleli wami.