Ujobe 9:25-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. “Imihla yami iyashesha kunesigijimi;iyabaleka ingabonanga okuhle.

26. Itshuza njengomkhunjana womhlanga,njengokhozi olutheleka empangweni.

27. Noma ngithi ngiyakukhohlwa ukukhala kwami,ngiyeke ukunyukubala kwami, ngincibilike,

28. ngiyesaba nokho bonke ubuhlungu bami,ngiyazi ukuthi awuyikungibheka nginjengongenacala.

29. Ngiyakulahlwa mina;ngikhandlekelani ize na?

30. Noma ngizigeza ngamanzi eqhwa,ngihlambe izandla zami ngensipho,

31. uyakungicwilisa nokho emgodini,izingubo zami zinengwe yimi.

Ujobe 9