24. Umhlaba unikezwe esandleni sababi;uyasibekela ubuso babahluleli bawo;uma kungesiye, pho, ngubani na?
25. “Imihla yami iyashesha kunesigijimi;iyabaleka ingabonanga okuhle.
26. Itshuza njengomkhunjana womhlanga,njengokhozi olutheleka empangweni.
27. Noma ngithi ngiyakukhohlwa ukukhala kwami,ngiyeke ukunyukubala kwami, ngincibilike,
28. ngiyesaba nokho bonke ubuhlungu bami,ngiyazi ukuthi awuyikungibheka nginjengongenacala.
29. Ngiyakulahlwa mina;ngikhandlekelani ize na?
30. Noma ngizigeza ngamanzi eqhwa,ngihlambe izandla zami ngensipho,
31. uyakungicwilisa nokho emgodini,izingubo zami zinengwe yimi.
32. Ngokuba akasiye umuntu onjengamiukuba ngingase ngimphendule,siye kanyekanye ekwahlulelweni.
33. Akukho mnqamulajuqu phakathi kwethuongabeka isandla sakhe phezu kwethu sobabili.
34. Makayisuse induku yakhe kimi;ingebhe ngaye mayingangesabisi.
35. Khona ngiyakukhuluma, ngingamesabi,ngokuba anginjalo ngokwami.