Ujobe 9:16-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Uma bengimbizile abesengiphendula,bengingayikukholwa nokho ukuthiubekile indlebe ezwini lami.

17. Uyangilimaza ngesiphepho;uyandisa amanxeba ami ngeze.

18. Kavumi ukuba ngiphefumule,kepha uyangigcwalisa ngomunyu.

19. Uma kuyindaba yamandla,nangu onawo;uma yindaba yokwahlulela,ngubani ongimemayo na?

20. Noma ngilungile,umlomo wami uyakungilahla;noma ngingenacala,uyakuthi ngonakele.

21. Anginasici; anginakekeli umphefumulo wami;anginanzi ukuphila kwami.

22. Ukuphela kunye nje; ngalokho ngithi:‘Uyaqeda ongenasici kanye nomubi.’

23. Uma isiswebhu sibulala ngokuzumayo,uyahleka ingozi yabangenacala.

24. Umhlaba unikezwe esandleni sababi;uyasibekela ubuso babahluleli bawo;uma kungesiye, pho, ngubani na?

25. “Imihla yami iyashesha kunesigijimi;iyabaleka ingabonanga okuhle.

26. Itshuza njengomkhunjana womhlanga,njengokhozi olutheleka empangweni.

27. Noma ngithi ngiyakukhohlwa ukukhala kwami,ngiyeke ukunyukubala kwami, ngincibilike,

Ujobe 9