1. Wayesephendula uJobe ethi:
2. “Ngeqiniso ngiyazi ukuthi kunjalo,kepha umuntu angaba elungile phambi kukaNkulunkulu na?
3. Uma efuna ukuthetha amacala naye,angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane.
4. Ehlakaniphile enhliziyweni,eqinile emandleni,ngubani oziqinisele kuye, waphumelela,
5. yena ogudluza izintaba ngokungazeleli,ezigumbuqela ngentukuthelo yakhe;
6. ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo,kuthuthumele izinsika zawo;
7. oyala ilanga lingaphumi,avalele izinkanyezi;
8. oweneka izulu yedwa,ahambe emazeni olwandle;
9. owenza iBhere,* neMpambano,nesiLimela,namaKamelo aseningizimu;*
10. owenza izinto ezinkulu ezingenakuhlolwa,yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.
11. Bheka, uyangidlula, ngingaboni;uyagudla, ngingezwa.
12. Bheka, uyabamba;ngubani ongamkhalima na?Ngubani ongasho kuye ukuthi:‘Wenzani na?’
13. “UNkulunkulu akayikubuyisa intukuthelo yakhe;phansi kwakhe bayakhothama abasizi bakaRahabi.