4. Uma abantwana bakho bonile kuye,yena wabanikela emandleni ezono zabo,
5. khona, uma wena ufunisisa uNkulunkulu,unxuse kuye uSomandla,
6. uma uhlambulukile, futhi ulungile,khona yena uyakuvuka ngenxa yakho,aphumelelise ikhaya lokulunga kwakho.
7. Ukuqala kwakho sekuyakuba ngokuncane,nokugcina kwakho kube ngokukhulu kakhulu.
8. Ake ubuze ezizukulwaneni zakuqala,uzibhekise lokho abakuphenyileyo oyise bazo,