11. Umhlanga ungahluma lapho kungekho xhaphozi na?Incema ingamila kungekho manzi na?
12. Uma iseluhlaza, ingakakhiwa,iyabuna phambi kwabo bonke utshani.
13. “Zinjalo izindlela zabo bonke abakhohlwa uNkulunkulu:ithemba longenaNkulunkulu liyakuchitheka;
14. ithemba lakhe liyakunqunywa,nesisekelo sakhe siyindlu yolwembu.
15. Uyakwencika endlini yakhe,kepha ayiyikuma;uyakubambelela kuyo,kepha ayiyikuqina.
16. Yena uluhlaza phambi kwelanga;imixhantela yakhe iyaxhantela ensimini yakhe.
17. Izimpande zakhe ziyathandela enqwabeni yamatshe,aqhekeze indawo yamatshe.
18. Uma echithwa endaweni yakhe,iyakumala ngokuthi:‘Angizange ngikubone.’
19. Bheka, injalo indlela yokuthokoza kwakhe;kuyakuvela abanye othulini.
20. “UNkulunkulu akamlahli opheleleyo,kabambi isandla sababi,
21. aze agcwalise umlomo wakho ngokuhleka,nezindebe zakho ngokumemeza.
22. Abakuzondayo bayakwembeswa amahloni;itende lababi aliyobe lisabakho.”