Ujobe 7:9-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Ifu liphela lihamba;kanjalo owehlele endaweni yabafileyo akasayikukhuphuka.

10. Kasayikubuyela endlini yakhe;indawo yakhe ayisayikumazi.

11. “Ngalokho nami angiyikubambaumlomo wami;ngiyakukhuluma osizini lomoya wami,ngikhale ngomunyu womphefumulo wami.

12. Ngilulwandle yini,ngingumkhomo yini,ukuze ungibekele abalindi?

13. Lapho ngithi umbhede wami uyakungiduduza,ukhukho lwami lungithwalise ukukhala kwami,

14. uyangesabisa ngamaphupho,ungethusa ngemibono,

15. ukuze umphefumulo wami ukhethe ukuklinywanokufa kunalawa mathambo ami.

16. Ngiyanengwa yiwo;mangingahlali njalo;ngiyeke, ngokuba imihla yami iyize.

17. Uyini umuntu ukuba umkhulise,nokuba ubeke inhliziyo yakho kuye,

18. nokuba umhambele ekuseni njalo,umhlole njalonjalo, na?

19. Koze kube nini uyeka ukungibheka na?Ngiyeke, ngize ngiminze amathe ami.

20. Noma ngonile,ngenzeni kuwe mlindi wabantu na?Ungimiseleni ngibe yisigcibisholo sakho,ngize ngibe ngumthwalo nakimi, na?

21. Awuthetheleli ngani isiphambeko sami,ususe isono sami, na?Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini;uyakungifunisisa, kepha angiyikubakho.”

Ujobe 7