Ujobe 7:3-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. kanjalo ngithole ifa lezinyanga zokubi;ngimiselwe ubusuku bezinhlupheko.

4. Lapho ngilala phansi,ngisho ngithi:‘Ngingavuka nini,’ngokuba ubusuku bude;ngigcwele ukubinyabinyeka kuze kuse.

5. Inyama yami yembesiwe izimpethu namagade othuli;isikhumba sami siyaphola,sibuye sibhicike.

6. “Imihla yami iyashesha kunesaluko,iphela ingenathemba.

7. Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya;iso lami aliyikubuye libone okuhle.

8. Iso longibonayo alisayikungibuka;amehlo akho esekimi, angisekho.

9. Ifu liphela lihamba;kanjalo owehlele endaweni yabafileyo akasayikukhuphuka.

10. Kasayikubuyela endlini yakhe;indawo yakhe ayisayikumazi.

11. “Ngalokho nami angiyikubambaumlomo wami;ngiyakukhuluma osizini lomoya wami,ngikhale ngomunyu womphefumulo wami.

12. Ngilulwandle yini,ngingumkhomo yini,ukuze ungibekele abalindi?

13. Lapho ngithi umbhede wami uyakungiduduza,ukhukho lwami lungithwalise ukukhala kwami,

14. uyangesabisa ngamaphupho,ungethusa ngemibono,

Ujobe 7