Ujobe 7:2-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Njengenceku ekhefuzelela ithunzi,nanjengomqashwa obheka umvuzo wakhe,

3. kanjalo ngithole ifa lezinyanga zokubi;ngimiselwe ubusuku bezinhlupheko.

4. Lapho ngilala phansi,ngisho ngithi:‘Ngingavuka nini,’ngokuba ubusuku bude;ngigcwele ukubinyabinyeka kuze kuse.

5. Inyama yami yembesiwe izimpethu namagade othuli;isikhumba sami siyaphola,sibuye sibhicike.

6. “Imihla yami iyashesha kunesaluko,iphela ingenathemba.

7. Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya;iso lami aliyikubuye libone okuhle.

8. Iso longibonayo alisayikungibuka;amehlo akho esekimi, angisekho.

9. Ifu liphela lihamba;kanjalo owehlele endaweni yabafileyo akasayikukhuphuka.

10. Kasayikubuyela endlini yakhe;indawo yakhe ayisayikumazi.

11. “Ngalokho nami angiyikubambaumlomo wami;ngiyakukhuluma osizini lomoya wami,ngikhale ngomunyu womphefumulo wami.

12. Ngilulwandle yini,ngingumkhomo yini,ukuze ungibekele abalindi?

13. Lapho ngithi umbhede wami uyakungiduduza,ukhukho lwami lungithwalise ukukhala kwami,

14. uyangesabisa ngamaphupho,ungethusa ngemibono,

15. ukuze umphefumulo wami ukhethe ukuklinywanokufa kunalawa mathambo ami.

16. Ngiyanengwa yiwo;mangingahlali njalo;ngiyeke, ngokuba imihla yami iyize.

Ujobe 7