1. “Umuntu akasempini yini emhlabeni,imihla yakhe ayinjengemihla yomqashwa na?
2. Njengenceku ekhefuzelela ithunzi,nanjengomqashwa obheka umvuzo wakhe,
3. kanjalo ngithole ifa lezinyanga zokubi;ngimiselwe ubusuku bezinhlupheko.
4. Lapho ngilala phansi,ngisho ngithi:‘Ngingavuka nini,’ngokuba ubusuku bude;ngigcwele ukubinyabinyeka kuze kuse.
5. Inyama yami yembesiwe izimpethu namagade othuli;isikhumba sami siyaphola,sibuye sibhicike.
6. “Imihla yami iyashesha kunesaluko,iphela ingenathemba.
7. Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya;iso lami aliyikubuye libone okuhle.
8. Iso longibonayo alisayikungibuka;amehlo akho esekimi, angisekho.