Ujobe 7:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Umuntu akasempini yini emhlabeni,imihla yakhe ayinjengemihla yomqashwa na?

2. Njengenceku ekhefuzelela ithunzi,nanjengomqashwa obheka umvuzo wakhe,

3. kanjalo ngithole ifa lezinyanga zokubi;ngimiselwe ubusuku bezinhlupheko.

4. Lapho ngilala phansi,ngisho ngithi:‘Ngingavuka nini,’ngokuba ubusuku bude;ngigcwele ukubinyabinyeka kuze kuse.

5. Inyama yami yembesiwe izimpethu namagade othuli;isikhumba sami siyaphola,sibuye sibhicike.

6. “Imihla yami iyashesha kunesaluko,iphela ingenathemba.

7. Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya;iso lami aliyikubuye libone okuhle.

8. Iso longibonayo alisayikungibuka;amehlo akho esekimi, angisekho.

Ujobe 7